ILeeds income uSomma

2011-01-27 16:39
Yabelani Shicilela

Leeds - UDavide Somma uthole ukunconywa ngumqeqeshi weqembu lakge iLeeds United uSimon Grayson emuva kokuthi engazwakalisanga kukhononda ngokuhlaliswa ebhentshini izikhathi eziningana.

Yize esetshenziswe njengomdlali ozongena uma kukhona olimalayo noma okhathalayo kusukela ezibonakalisa kuBafana Bafaba ngasekupheleni konyaka odlule, uSomma usefake amanqaku amabili emidlalweni emibili ye-English Championship, ebeka inani lamanqaku akhe kule sizini kwayisishiyagalolunye, nokumenza abe ngumdlali ovelele wakuleli phesheya kwezilwandle.

UGrayson uthi uyalazisa ithalente likaSomma, wathi into emenza angavuli umdlalo ingenxa yoshinstho olwenziwe eqenjini.

"Ube nebhadi uSomma. Sishintshe uhlelo sesidlala nge-4-4-2 kanti ke usifakele amanqaku okuqala isizini," kusho uGrayson estshela iphephandaba iYorkshire Evening Post.

Kuyinto enhle ukuthi uGrayson akakholelwa ekutheni uSomma adlale njengomgadli kuphela, lokhu okwenziwa umqeqeshi weBafana Bafana uPisto Mosimane njengoba kungenzeka ukuthi uzombeka kule ndawo uma ngase angabikho uKatlego Mphela.

- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 9-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-16°C Morning clouds. Cool. Bloem: 7-20°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-25°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...