IKapa lizosingatha oweBafana

2013-02-20 10:05

Cape Town - UMkhandlu waseKapa uzosingatha umdlalo wokuhlungelwa iNdebe yoMhlaba ka-2014 nozoba phakathi kweBafana Bafana neCentral African Republic ngenyanga ezayo, kubike iCape Argus ngoLwesithathu.

Lo mdlalo uzodlalelwa eCape Town Stadium ngoMashi 23.

IMeya uPatricia de Lille uncokole emhlanganweni wathi idolobha lizovuma ukusingatha lo mdlalo "ngaphansi kombandela wokuthi iBafana ithembise ukufaka amagoli amaningi".

Lowo oyilungu lekomidi yezokuvakasha, imicimbi nezokumaketha, uGrant Pascoe, utshele iphephandaba ukuthi iSA Football Association ichazekile ngenkundla yezemidlalo nangokwesekwa okwatholwa yiBafana ngesikhathi idlala neNorway ngoJanuwari.

"Kuzobiza imali ebalelwa ku-R3.1 million ukusingatha lo mdlalo," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IZinyoni zifake iChiefs amabhuleki

Emizuzwini eyi-7 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...