IDikwena iphothule ukusayina oweWits

2015-07-22 13:33

Johannesburg – Iplatinum Stars isiphothulile ukusayina umdlali uRobin Ngalande osuka kwiBidvest Wits ozobolekiswa isizini yonke ka-2015/16 kuleli qembu laseNorth West.

ISiya Crew ibike ngeledlule ukuthi lo mdlali odabuka eMalawi ochithe isizini edlule egijima kwi-Ajax Cape Town usezinhlelweni zokujoyina iDikwena ngemuva kokuba la maqembu evumelene ngokubolekisana.

Imithombo yeSiya Crew isikuqinisekisile ukuthi konke sekuphothuliwe mayelana nalo mdlali ejoyina iDikwena.

OLUNYE UDABA:Ngeke ngizifanise noSteve - OwelePSL

Nakuba konke sekuphothuliwe mayelana nokuthi lo mdlali oneminyaka engu-22 ajoyine iDikwena kodwa kusamele alungise amaphepha amgunyaza ukuthi asebenze njengoba eseshintsha abaqashi.

Kusalindeleke ukuthi kucace ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi lo mdlali athole wonke amaphepha akhe amgunyaza ukuthi asebenze ngokugcwele kuleli.

Umqeqeshi weDikwena uCavin Johnson uzoba nethemba lokhuthi uNgalande athole zonke izimvume zakhe ngaphambi kokuqala kwesizini.

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

       - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...