IDikwena ihlabane ngomgadli wodumo

2015-07-23 16:18

Johannesburg – IPlatinum Stars ihlabane nomgadli wodumo weMamelodi Sundowns uBonginkosi Ntuli njengoba ezochitha isizini ka-2015/16 kulona leli qembu laseNorth West.

Ngokubika kweKickOff konke sekuphothuliwe ngokubolekiswa kwalo mdlali kwiDikwena.

Umqeqeshi weStars uCavin Johnson ukuqinisekisile ukuthi iqembu lakhe selizitholele uNtuli oke wagijima kwiGolden Arrows kanti ochithe ingxenye yesizini edlule egijima kuMaZulu.

OLUNYE UDABA:Uzobonakala koweSuperSport owodumo lweBafana

UJohnson uphinde waqinisekisa nokuthola isiqongqwane sasemuva u-Emmanuel Mathias.  

“Konke sesikuphothulile okuphathelene nokuthola uBongi Ntuli futhi sesisayine no-Emmanula Mathias,” uJohnson etshela le website.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

           - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...