IChippa iqinisa isikwati sayo
2013-01-14 14:16
Johannesburg - Owayengumgadli weMoroka Swallows uPhumelele Bhengu usebuyele ebholeni eliphezulu ngemuva kokusayina enkontileka yeminyaka emibili nohhafu neqembu iChippa United.
Lo mdlali unethemba elikhulu – abanye babemfanisa noBenni McCarthy – ngesikhathi eqala ukugqama eminyakeni emine eyedlule eqenjini iSwallows, utshele iKickOff.com ngoSepthemba ukuthi usafuna ukudlala phambili, nakuba muva nje ebesedlala emuva.
“U-Ace usayine inkontileka yeminyaka emibili nohhafu,” kuqinisekisa abamumele beComplete Footballers.
Khonamanjalo, iKickOff.com isitshelwe ukuthi umdlali wasemuva waseGhana uMohammed Awal usevumile ukujoyina i-Orlando Pirates, kodwa sekulele ekutheni iMaritzburg United iyavuma yini ukumdedela.
U-Awal, oseqenjini laseGhana elizodlala ku-Africa Cup of Nations, usevumile ukusayina inkontileka yeminyaka emithathu nePirates ngokusho komthombo wethu.
“Osekusele nje ukuthi iPirates neMaritzburg United bavumelane ngemibandela,” kusho umthombo.
Isikhulu seMaritzburg uFarook Kadodia akatholakalanga ukuphawula.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24