'IChiefs yasiwina ngengcacamezela eseligi'

2015-07-20 10:01

Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns, uThemba Zwane, usebalule izinto noma izindawo okumele baqinise kuzona kumaBrazilians ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2015/16.

ISundowns yehlulekile ukuvikela isicoco sayo ngesizini edlule njengoba sagcina sinqotshwe yiKaizer Chiefs.

IDowns izobe izimisele ngokuqala kahle kule sizini ngoba ngephelile iChiefs yabashiya besalelwe umqansa ngemuva kokungaqali kahle.

Funda nalolu daba: Ufike egqoke ezokulala ezomisa umngcwabo kanina

“Saqala ukunqoba imidlalo yethu ngasekupheleni kwesizini, kodwa ngaleso sikhathi iKaizer Chiefs yayisivule igebe elikhulu nokwenza kwabanzima ukubafica,” kusho lo mdlali.  

“Uma ubuka irekhodi leChiefs, yayiwina iningi lemidlalo yayo ngo-1-0.”

“Ayikwazanga ukufaka amagoli amaningi, kodwa njengoba babehleli phezulu, abavumanga ukuphazamiseka. Babebambelela kuze kube sekugcineni ukuze bathole amaphuzu amathathu.”

IDowns yashaya amagoli amaningi kuneChiefs ngesezini ephelile kodwa noma kunjalo yaqeda isizini ilandela iChiefs ngamaphzu angu-12.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...