IChiefs kumele izimisele - Baxter
2012-12-17 15:03
Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ukholelwa ekutheni iqembu lakhe elisesicongweni akumele linethezeke kakhulu uma selibhekene naMaZulu emdlalweni wePremiership eFNB Stadium ngoLwesibili.
"Iqembu elidonsa kanzima lijwayele ukufela enkundleni uma lihlangene neqembu elidlala kahle," kusho uBaxter ngaMaZulu.
"Ngeke kube ngumdlalo olula ngoba nabo bazobe belwela isithunzi sabo."
IChiefs iya kulo mdlalo kulandela ukudlala ngokulingana ngo 1-1 ne-University of Pretoria ngempelasonto.
AmaZulu, asemsileni kuligi kanti nawo adlale ngokulingana ngo 1-1 neChippa United ngoMgqibelo.
AmaKhosi, nabambelele ngephuzu elilodwa esicongweni, abukeka edonsa kanzima ekuqhubekeni ngegiya aqale ngalo ekoteni yokuqala yesizini.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA