IChiefs iyaziqhelelanisa noBobby

2012-08-17 10:13

Johannesburg - Ngemuva kokuthi imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung evele ngaphambi kwenkantolo mayelana namacala okukhwabanisa nokweba, iqembu selikubeke obala ukuthi alihlangene nalolu daba, lathi akusilo olweChiefs.

UMotaung udedelwe ngebheyili ka-R50 000 ekanye nomlingani wakhe uHerbert Theledi.

Laba basolwa ngokukhwabanisa ngesikhathi behambisa amaphepha kwaSARS, befaka isicelo sokwakha inkundla yezemidlalo iMbombela.

Isitatimende esikhishwe yiqembu sithe: “Iqembu selingaqinisekisa ukuthi uBobby Motaung nomlingani wakhe uHerbert Theledi wenkampani iLefika Emerging Equity (Pty) Ltd, bavele ngaphambi kwenkantolo mayelana nezinsolo ezithi inkampani iLefika Emerging Equity (Pty) Ltd ayihambisanga izinto ngendlela."

Icala lihlehlele umhlaka-15 Okthoba la khona abasolwa bezovela nomsolwa wesithathu uChris Grib.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-15°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Warm. PE: 10-22°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...