IChiefs itatazelile - Baxter
2012-11-26 07:51
Johannesburg - Irekhodi leKaizer Chiefs lokungashaywa imidlalo engu-11 ilandelana liphuke ngesikhathi iPlatinum Stars iyibhaxabula ngo 2-0 eRoyal Bafokeng Stadium ngempelasonto, kubika iSowetan.
IChiefs "ingenwe ngamanzi emadolweni" ngesikhathi iStars itshengisa ukuzimisela, kusho umqeqeshi wayo uStuart Baxter.
AmaKhosi asephambili ngephuzu elilodwa ezimbangini zawo ezinkulu i-Orlando Pirates.
Kanti kulindeleke ukuthi kusiphuke izidindi uma la maqembu esehlangana ngoDisemba 8 eSoccer City.
"Ngicabanga ukuthi singenwe ukwesaba kancane, kanti iStars ibingafuni lutho olusondela epalini layo.
"Besazi ukuthi kuzoba umdlalo onzima lo, kodwa sidlale kabi kakhulu esiwombeni sokuqala," kusho uBaxter.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24