IChiefs ayizixakile ngePirates - Dladla
2013-02-14 16:08
Johannesburg -IKaizer Chiefs yagcina ukunqoba isicoco sePremier Soccer League ngesizini ka-2004/05, njengoba oshampeni i-Orlando Pirates bebuyele endaweni yabo baqhwakela, iqembu lithi alikhathazekile nakancane.
NgoLwesithathu amaBhakabhaka anqobe umdlalo wawo neSuperSport United ngo 1-0, kanti ngoLwesibili iChiefs yadlala ngokulingana neMamelodi Sundowns, umdlalo waphela ngo 0-0.
Umdlali weziMpofana uJosta Dladla ukhulume nabezindaba zeKickOff.com, wathi banake imidlalo yabo, hhayi lokho okwenziwa yizimbangi.
“Angicabangi nokucabanga ngePirates, nginendaba nokuthi iChiefs yenzani,” ezikhulumela.
"Ukuthi iPirates yenzani, okwayo lokho, sinendaba nokweChiefs. Uma singathatha isicoco, lokho kofana nebhonasi."
Ekhuluma ngomdlalo weSundowns, uDladla uthe: “Akubanga kubi kakhulu, maningi amaqembu esibanga nawo isicoco."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24