ICeltic izimisele ngowamanqamu kuTKO
2012-11-05 10:31
Johannesburg - Umqeqeshi weBloemfontein Celtic uClinton Larsen uthi iqembu lakhe "belingalilahlile ithemba" ngesikhathi libuyisela izinduku ngesikhathi lidlala ne-Orlando Pirates ngempelasonto, kubika iKickOff.com.
IPhunya Sele Sele iphendule amatafula kungazelele muntu ngesikhathi ibhekene namaBhakabhaka koweTelkom Knockout eFree State Stadium ngeSonto, yakhipha iPirates kuma-penalty.
"Ngijabule kakhulu ngemiphumela, abadlali bami batshengise ukuzimisela okumangalisayo ngesikhathi beguqisa iPirates," kusho uLarsen.
"Ngokujwayelekile uma iqembu lisele ngemuva sekusele imizuzu eyishumi kuphele umdlalo, liyadikibala, kodwa abadlali bami benze okungajwayelekile kanti lokho kubasebenzele."
ULarsen uthe ukholelwa ekutheni isikwati sakhe sesiyaqala ukuba yimbumba kule sizini, yize sisanda kuguqiswa ngo 2-1 emdlalweni weligi yi-University of Pretoria.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24