ICeltic ayiphumela obala ngamabhonasi
2012-11-20 14:05
Johannesburg - Yize abadlali beMamelodi Sundown bazi ukuthi bazohlukaniselana ngo-R4.2milion uma bewina iTelkom Knockout Cup, abaphathi beBloemfontein Celtic abathi vu ngaleyo, kubika iKickOff.com.
ICeltic yadlulela kowamanqamu ngesikhathi ishaya iFree State Stars ngo 3-2 ngeSonto, kwathi iSundowns yona yaguqisa iSuperSport United ngo 1-0 ngegoli lika-Eleazar Rodgers.
Ngokwemigomo eChloorkop, abadlali beDowns bayancozulelana imali abasuke beyiwinile.
Njengoba iSundowns inabadlali abangu-30 ababhalisiwe, lokho kuchaza ukuthi umdlali ngamunye uzogoduka no-R100 000.
Kodwa isikhulu seCeltic uKhumbulani Konco uthi iqembu lakhe ngeke likhulume lutho ngamabhonasi wathi: "Thina sibheke imidlalo yethu elandelayo yeligi okwamanje."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24