IBucs iqinisekise inkundla kanye namanani

2015-10-19 17:36

Johannesburg - Iqembu le-Orlando Pirates seliyiqinisekisile inkundla kanye namanani amathikithi omdlalo weCAF Confederation Cup elizowudlala ne-Etoile Du Sahel.

IBhakabhaka lizobhekana neqembu laseTunisia emlenzeni wokuqala e-Orlando Stadium.

Amathikithi omlenze wokuqala azoqala ku-R80, izingane zona zizongena ngo-R10.

Funda nalolu daba: 'Bonke balwela ukuqumba phansi iPirates'

"Into yokuqala engingayiqinisekisa ukuthi umdlalo ngeke uyiswe kwenye indawo. Owamanqamu uzodlalelwa e-Orlando Stadium,” kusho uMbele kwi-website yeqembu.

 “Amathikithi abiza u-R80 njenganesikhathi sidlala neKaizer Chiefs kumasizini ambalwa edlule nangesikhathi sidlala ne-Al Ahly ngo-2013 kowamanqamu eChampions League.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...