IBhakabhaka liyayivuma induku

2013-02-25 10:05

Johannesburg - Ngemuva kokuthelwa ngehlazo lokushaywa ngo 4-1, yiqembu elingaziwa iMaluti FET College, koweNedbank Cup, i-Orlando Pirates isivume induku yathi kumele "yenyuse amasokisi".

Umbiko weKickOff uthi umqeqeshi uRoger de Sa ushiye ngaphandle abadlali abayizethenjwa yadlalisa uBheki Nzunga, Ayanda Gcaba, Lehlogonolo Maselesa, Onyekachi Okonkwo kanye noRudolf Bester, nokuyinto engalisizanga neze iqembu njengoba ligcine ngokuthi likhishwe kweyeNedbank.

Unozinti weBhakabhaka uSenzo Meyiwa uthi iqembu lifunde isifundo esibuhlungu, kwathi u-Oupa Manyisa okunguye oshaye elokubika, wathi abadlali bebengenako ukuzimisela okuphelele.

“Ukudlala kweqembu kushiye imibuzo eminingi ekumele abadlali baziphendule yona. Kumele kushintshe ukwenza uma iqembu selidlala neMoroka Swallows ngoLwesibili,” kusho isitatimende seqembu ku-website yalo.

“Akwanele ukuthi kugcine ngokuthi kuthiwe iqembu belingazimisele lidlala neMaluti. Oshampeni bendebe ka-2010 bahlulwe yiqembu elingekho neze ezingeni labo."

Kumanje ezikaMagebhula zilele isibili kwiligi yePremiership, ngemuva kweKaizer Chiefs ephambili ngomdlalo owodwa.




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 13-19°C Scattered showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...