IBafana inikeza ithemba ngaphambi kwe-Afcon

2012-12-24 08:18

Johannesburg - Amagoli amabili ngesiwombe sokuqala kaLehlohonolo Majoro noSiphiwe Tshabalala, nelesiwombe sesibili likaMay Mahlangu asize iBafana Bafana yabuyisela isithunzi ngesikhathi iwina ngo 3-1 ibhekene neMalawi eThekwini.

Lo mdlalo ubuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.

Lokhu kunqoba bekungokwesithathu kukaGordon Igesund emidlalweni eyisithupha ngaphansi kwesandla sakhe.

Lo mdlalo ububaluleke kakhulu njengoba iqembu lizilungiselela i-Africa Cup of Nations nezosingathwa yileli ngoJanuwari.

U-Igesund uthe akungatshazwa ukuthi ujabule ngale miphumela: “Ngijabule kakhulu ngokudlala nokuzimisela kweBafana, kanti nami ngithole ithuba lokufaka abadlali abaningi abahlukene."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Showers late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-24°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Showers early. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 18-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 19-26°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...