I-Safa iphenya ngokuhlaselwa kweZambia

2012-11-15 10:01

Johannesburg - Inhlangano yebhola kuleli iSA Football Association iphenya ngemibiko ethi kuhlaselwe ibhasi ebelithwele abadlali beqembu lesizwe eZambia, ngemuva komdlalo wabo neNingizimu Afrika.

IChipolopolo ishaye iBafana Bafana ngo 1-0, emdlallweni obanjelwe eSoccer City, ngoLwesithathu ebusuku.

Inhlangano iZambian Football Association ithumele umlayezo kuTwitter ngoLwesine ekuseni ithi: "Kubuhlungu ukuthi ibhasi ebelithwele abadlali beZambia lishaywe ngamatshe kwathi uKennedy Mweene wathola ukulimala ekhanda. Uthole ukwelashwa, uyaphila."

UMweene ungunozinti waseZambia kanti uphinde adlalele iqembu lakuleli iFree State Stars.

"Sengikhulume nomqondisi wezemidlalo, kuyaphenywa," kusho umkhulumeli weSafa uDominic Chimhavi, etshela abezindaba.

IZambia ingompetha bemidlalo ye-Africa Cup of Nations.

Imibiko yakamuva ithi abafanyana ababili abaneminyaka ephakathi kuka-12 no-13 ubudala, bangeniswe esitokisini mayelana nezinsolo sokushaya ngamatshe ibhasi ebelithwele abadlali beZambia, kodwa baphinde badedelelwa kubazali, kusho iSafa.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 17-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C Showers early. More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...