I-Safa igcine ngokusikhokhela isangoma

2012-05-31 14:03

Johannesburg - Isangoma uS'bonelo Madela uphumele obala wathi iSouth African Football Association igcine isikhokhile isikweletu sayo, okuchaza ukuthi amashobolo bazowezwa ngendaba, kubika iKickOff.com.

UMadela yisangoma esizokhumbuleka ngokusola iSafa ngokungasikhokheli kulandela ukuthi eyinikeze umuthi wokuwina imidlalo ngesikhathi kunemidlalo yeNdebe yoMhlaba ka-2010, kodwa manje uthi ujabule kakhulu kanti nesizwe singaqala sehlise amaphaphu.

"Bangikhokhela imali yami," kusho uMadela, kodwa wanqaba ukuphawula ngokunaba.

UMadela uthi ngonyaka odlule 'wasebenza' inkundla yezemidlalo eBloemfontein, nalapho iBafana yashaya khona iFrance ngo 2-1 wabe esekhokhelwa u-R10 000 esikhundleni sika-R100 000 okwavunyelwana ngawo.

UMadela uthi 'umfana' wakhe ngeke asabanikeza inkinga abafana bakaPitso Mosimane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More clouds than sun. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...