I-PSL ithi iphenya ngezinsolo zokudayiswa kwemidlalo

2015-05-13 18:16

Johannesburg - IPremier Soccer League (PSL) isiqinisekisile ukuthi iphenya ngezinsolo zokuthi kunemidlalo eyadayiswa ngesikhathi amaqembu elwela ukuvike izembe.

“Yebo, kukhona amahlebezi. Asiwathathi neze kancane,” kusho isikhulu se-PSL uBrand de Villiers etshela iSoccer Laduma ngoLwesithathu.

Le website idalule ukuthi kukhulunywe ngalezi zinsolo emhlanganweni we-PSL Executive Committee obubanjwe ngomhlaka-12 Meyi.

OLUNYE UDABA: I-PSL ihlawulise iChiefs

“Sizidingidile lezi zinsolo sase sizidlulisela ezandleni zabashushisi abazimele. Bazophenya bathole ukuthi ngabe likhona yini icala elingalandelwa noma cha,” kuchaza uDe Villiers.

Isizini ka-2014/15 yaphela ngomhlaka-9 Meyi lapho aMaZulu adliwa khona yizembe kanti iMoroka Swallows kulindeleke ukuthi idlale kowomkhumulajezi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...