I-PSL ithembisa ngokweseka u-Igesund

2012-11-09 14:04

Johannesburg - UDkt Irvin Khoza useqinisekise umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund ukuthi iPremier Soccer League izomeseka ngokupheleleyo ngaphambi kwe-2013 Africa Cup of Nations.

UIgesund ubenethemba lokuthi iPSL izovuma ukuhlehlisa eminye imidlalo, ikakhulukazi ngoDisemba, njengoba efuna ukuya ekhempini nesikwati esizodlala kule midlalo.

UKhoza uthe lolu daba kwakhulunywa ngalo ngokubanzi kanti yize umqeqeshi engakutholanga ayekufisa, wonke amaqembu avumelene ngokwenza umsebenzi wakhe uthi ukuba lula kancane uma sekuzoyiwa kule midlalo.

"Sizoyeseka njengokwesithembiso sethu iBafana. Ngijabule kakhulu ngokuthi sekukhona ukusebenzisana phakathi kwethu neSAFA ukuze sigweme okuningi okungase kusimangaze," kusho uKhoza etshela abeFootball411.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...