I-CAF imhlawulisile uRenard
2013-02-08 12:16
Johannesburg - AbeConfederation of African Football sebenike umqeqeshi waseZambia
uHerve Renard inhlawulo ka-$10 000, kulandela ukukhululma kwakhe athi inhlangano ijabulile njengoba izwe lakhe likhishiwe emqhudelwaneni we-2013 African Cup of Nations.
I-CAF yamukele incwadi yesixoliso kuRenard kanjalo neFootball Association of Zambia, nokho yaqhubeka nokumnika inhlawulo elengisiwe.
Umqeqeshi washo kanjena ngemuva komdlalo weZambia neBurkina Faso, nowaphela ngokuthi iZambia iguqe.
I-CAF ithi isigwebo sizohoxa uma kuwukuthi umqeqeshi akaliphindi icala elifanayo.
URenard odabuka eFrance wathi i-CAF ibingathandi ukubona ezakhe ziphumelele, ngoba kakade abadlali ababahle ngokwanele ukuthi bangamela i-Afrika emidlalweni yeConfederations Cup.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA