I-Ajax ifuna uNdulula

2012-01-30 11:31

Cape Town – I-Ajax Cape Town ivumile ukuthi ingathanda ukuthola umdlali we-Orlando Pirates, uBongani Ndulula, kodwa lokhu kubukeka ingathi ngeke kwenzeke, kubika iKickOff.com.

UNdulula usefake igoli elilodwa kuphela emidlalweni eyisikhombisa kule sizini, kodwa umholi we-Ajax, uGeorge Comitis uthemba ukuthi lo mdlali angalisiza iqembu lakhe.

"Uma besingakwazi ukumthola, besizozama, kodwa angicabangi ukuthi lokhu kungenzeka," ushilo uComitis.

Kodwa, uthe uzwe amahemuhemu athi iPirates ifuna ukumdedela uNdulula, kodwa wathi akacabangi ukuthi lama hemuhemu ayiqiniso.

IPirates ithi lo mdlali uzohlala neqembu, futhi uzoba ngumdlali obalulekile kwiligi ne-CAF Champions League.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-29°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 15-25°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...