Hlukanani nokugxeka abadlali - Khune

2012-09-27 14:05
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ukaputeni weKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune uthe ukhathazekile ngendlela abanye abalandeli bamaKhosi abaziphatha ngayo emdlalweni waseMbombela Stadium ngoMsombuluko, kubika iKickOff.com.

IGlamour Boys ihamba phambili ohlwini lweligi okwamanje kanti kumele engabe abalandeli benelisekile ngemizamo yabo, kodwa uKingston Nkhatha wahahamezwa ngoMsombuluko ngesikhathi iChiefs inqoba ngo 3-1 iguqisa iBidvest Wits.

UKhune uthi kuthanda ukuzwela impela uma abalandeli begxeka iqembu abalilandelayo.

"Okokuqala, ngithanda ukubonga abalandeli ngokuwa bevuka nathi, kodwa futhi bengithanda ukuthi bagweme ukungabi nazwelo kubadlali.

"Akuqali ukwenzeka lokhu. Singathokoza uma abalandeli bangaba nokubekezela okuncane uma kuqhubeka umdlalo," kusho uKhune.

UNkhatha usefake amagoli amabili kuChiefs kusukela ajoyina iqembu esuka kuBlack Leopards.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 10-24°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...