Ehlisani amaphaphu - Mosimane
2012-12-03 16:28
Johannesburg - Umqeqeshi omusha weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi udinga isikhathi kuze ezokwazi ukutakula iqembu lakhe elidonsa kanzima emsileni weligi.
Usho kanjena ngemuva kokuthi umengameli weqembu uPatrice Motsepe, emnike lo msebenzi, kulandela ukuthi kuxoshwe umqeqeshi waseDutch uJohan
Neeskens.
"Ngizizwa ngihlonipheke kakhulu. Ngilana ukuzosiza iSundowns ukuthi ibe sendaweni engcono," kusho uMosimane ngoMsombuluko.
"Sonke siyazi ukuthi iDowns ifanelwe yindawo engcono kunekuyo njengamanje. Ngidinga isikhathi esanele, uma ubheka eminyakeni emihlanu edlule, beku lokhu kungayihambeli kahle iDowns"
UMosimane ubengakawutholi umsebenzi kusukela axoshwa eqenjini le sizwe ngenyanga kaJune kanti ngakolunye uhlangothi uNeeskens ube ngumqeqeshi ka-13 ukuthi axoshwe kusukela kuqale isizini.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).