Benze kahle bakhetha uClive Barker - Umshana

2013-01-04 15:04

Johannesburg - Umphathi we-University of Pretoria uSteve Barker uthi ukholwa wukuthi umalume wakhe uClive Barker, nguyena muntu owulungele umsebenzi wokuqeqesha iqembu iBidvest Wits.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uThe Dog, okuyigama aziwa ngalo uBarker, ethathe izintambo ku-Antonio Lopez, ngoLwesihlanu.

UBarker uzobamba izintambo kuze kuphele isizini, ngokusho kwe-website yeqembu.

"Bengingakulindele lokhu. Bengingasilindele isinqumo sokuxosha umqeqeshi," kusho uSteve Barker.

"Kuqokwe kahle. UClive unesipiliyoni futhi ungumakadebona, ungumuntu ongakwazi ukugqugquzela abadlali badlale ngokwamakhono abo.

Isikhulu seWits uJose Ferreira uthe isinqumo sokudabula inkontileka yomqeqeshi waseSpain sidalwe yizizathu ezibekwe nguye uLopez, zangasese ezimayelana nempilo yakhe.

“U-Antonio Lopez ucele ukuba akhululwe emsebenzini wakhe ngenxa yezimo asabhekene nazo. Kusho isitatimende sikaFerreira.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 2-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-23°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...