Benza into yamehlo abadlali bami - Barker

2013-02-06 12:02

Johannesburg - Umqeqeshi weBidvest Wits uClive Barker uthokoze ngaphakathi ngabadlali bakhe okungoSibusiso Vilakazi noPapy Faty, athi yibo agabe ngabo njengoba kuzoqhubeka imidlalo yeligi, kubika iKickOff.com.

AmaClever Boys azodlala neBlack Leopards, ePolokwane ngoLwesithathu oluzayo.

Kubhekwe ukuthi lo mdlalo ube nomehluko njengoba iqembu lishintshe umqeqeshi, ebekungu-Antonio Habas.

UBarker uqale ukuqeqesha ngenyanga kaJanuwari, iqembu lakhe belilokhu lizilolonga namanye amaqembu e-PSL, njengoba bekumile ukudlala kusaqhubeka imidlalo ye-2013 Africa Cup of Nations.

Ekhuluma ngemuva kokuthi bazilolonge neSuperSport United, uBarker ubengawuvali umlomo ngabadlali bakhe uVilakazi noFaty, odabuka eBurundi.

"Esiswini anginalo neze uvalo, kukhona uVilakazi noFaty, benza into yamehlo. Angiyikholwa indlela abakwazi ukudlala kamnandi ngayo," kuchazeka uBarker.

"Into esisele ukuthi uma kuqala imidlalo, sishaye amagoli sibuye namaphuzu."


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-13°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-9°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-19°C More sun than clouds. Cool. PE: 10-18°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...