Bemukelwe ngedumela ababhukudi

2012-08-09 11:29
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ababhukudi bakuleli uCameron van der Burgh noChad le Clos bamangazwe yisasasa abemukelwe ngalo ngabantu baseNingizimu Afrika ngesikhathi betheleka esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, ngoLwesine.

"Angeke ngikwazi ukuchaza injabulo engiyizwayo uma ngibona abantu abangaka bezosamukela, kufana nangalesi sikhathi benginika indondo yegolide," kusho uVan der Burgh.

ULe Clos uthe ngesikhathi ekhula wayechoma odongeni izithombe zababhukudi abanohlonze, uthe akaze azicabange ukuthi ngelinye ilanga naye uyokuba ngomunye wabo.

Izindimbane zabantu zihlangabeze lezi zihlabani esikhumulweni sezindiza, abantu bebephethe izingqwembe zokubahalalisela.

Omunye uphakamise uqwembe oluthi: "Chad ngicela ube nguphathini wami we-Matric Dance".



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-19°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 12-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...