Bekungamele singenise amagoli - Khune

2013-01-28 10:02

Durban - U-Itumeleng Khune uthi ubehluleka ngisho ukuzibamba ejabula ngesikhathi iBafana Bafana idlulela kuma-quarter finals kowe-Africa Nations Cup, kodwa wathi ucikwe ngamagoli afakwe yiMorocco, nebekungamele angene, kubika iKickOff.com.

IBafana ihlukaniselane ngamaphuzu ne-Atlas Lions emdlalweni obumnandi kakhulu nophele ngamagoli amane, eMoses Mabhida Stadium.

Bekungumdlalo obungavumeli owubukile ukuthi ahlale ngokunethezeka.

UKhune ube yiMan of the Match ngokudlala kwakhe okuncomekayo, kodwa uthi akajabule ngalo mdlalo.

“Akubuzwa ukuthi ngijabule ngokudlulela kweqembu esigabeni esilandelayo njengoba sibhukule kwabonakala, kodwa kungijabhisile ukuthi singenise amagoli amabili abengenasidingo," esho.

“Kube ngamagoli azalwe ngamaphutha amabili esiwenzile kanti kumele senze kancono uma sifuna ukuya phambili kule midlalo."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Mostly sunny. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-20°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-19°C Showery. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...