Bekumele inqobe iNigeria - Put

2013-02-11 12:01

Johannesburg - Umqeqeqeshi weBurkina Faso uPaul Put uthi ukholwa wukuthi kunqobe iqembu vele ebekumele lidle umhlanganiso kowe-2013 Africa Cup of Nation, esho lokhu ngemuva kokuthi ezakhe ziguqiswe kowamanqamu.

Umgadli uSunday Mba ufake igoli elinqobise amaSuper Eagles kwaba ukuphela kwamaphupho eBurkina Faso, kulo mdlalo obanjelwe eNational Stadium, ngeSonto ebusuku.

"Sibone iNigeria enzima, siyazi vele inabadlali abavelele nabakade bengazibekile phansi kusukela kuqale umncintiswano. Bekumele banqobe, bazimisele kusukela kuqala imidlalo kwaze kwaba sesiphethweni," kusho uPut.

"IBurkina Faso nayo idlale ngamandla ayo wonke. Kungenzeka ukuthi siqake sayisaba iNigeria ngesiwombe sokuqala, unjalo nje umdlalo webhola.

"Ngesiwombe sesibili sibuye sekungathi sithelwe ngezibonkolo nokho asibanga nayo inhlanhla."



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesayine kuPirates uQalinge

2014-07-30 16:00
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...