Barker: Ukaputeni kufanele adlale emuva
2011-06-09 13:25
Johannesburg – Lowo owayengumqeqeshi weBafana Bafana, uClive Barker, uthi uSteven Pienaar akuyena umdlali okufanele engabe ungukaputeni weqembu lesizwe, kubika iKickOff.com.
Lo mqeqeshi, owanqoba i-African Cup of Nations ka-1996 neqembu lakuleli, uthi umhlonipha kakhulu uPienaar, nowanikezwa umsebenzi wokuhola leli qembu emuva kuka-Aaron Mokoena.
UBarker uthi ukaputeni kufanele kube ngumdlali odlala emuva noma unozinti.
"Ngiyakholwa ukuthu angawenza lomsebenzi, kodwa okwamanje kuphela."
Abanye ababengokaputeni beBafana, uSteve Kompela, no-Neil Tovey, nabo bavumelene noBarker, bathi abadlali abafana noBongani Khumalo, uMorgan Gould, no-Itumeleng Khune bangenza umsebenzo oncomekayo.
- News24