Azisikhathazi izimbangi - Pirates

2013-02-14 12:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Ngemuva kokuqhwakela phezulu kuPremiership, umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger de Sa uthi iqembu lakhe alikhathazekile ngamanye amaqembu embangweni wesicoco.

IPirates, ebheke ukuthatha isicoco okwesithathu kulandelana, ishaye iSuperSport United ngo 1-0 ngoLwesithathu e-Orlando Stadium, yabe isikwazi ukudlula iKaizer Chiefs yabamba indawo yokuqala ohlwini lwe-PSL.

IPirates inamaphuzu angu-37 ngemuva kwemidlalo engu-17 – iphambili ngephuzu elilodwa kunezimbangi zayo zaseSowetho, iChiefs.

“Kuhle, kuyajabulisa ukuba phezulu,” kusho uDe Sa ngemuva komdlalo.

UDe Sa uthe iqembu lakhe lidinga ukuthola imiphumela emihle yodwa.

“Akukho okukhulu okutheni, sinqobile nje,” usho kanje ngemuva komdlalo wokuqala ngemuva kwekhefu elide.

"Kunzima ukuthi sithi sibuya ekhefini bese sidlala neSuperSport, nokuyiqembu elidlala kahle.

“Okumele sikwenze manje ukubheka umdlalo olandelayo. Lona usudlulile. Miningi imidlalo esasele.”

Umqeqeshi uvumile ukuthi bekungewona umdlalo osezingeni eliphezulu, kanti iPirates bekumele ifake amagoli amaningi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 12-21°C Showers early. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-21°C Broken clouds. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...