Ayinganakwa eye-PSL kowamanqamu - Larsen

2012-11-30 12:04
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umqeqeshi weBloemfontein Celtic uClinton Larsen usexwayise ngokuthi ukungenzi kahle kweMamelodi Sundowns emidlalweni yeligi ngeke kusho lutho uma lamaqembu womabili esebhekene kowamanqamu eTelkom Knockout eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.

Lo mdlalo, kuzobe kungowesibili wamanqamu kulesizini ebholeni lakuleli, kanti uza nethuba lokuthi womabili lamaqembu amakhulu ake athole ukuqubula indebe njengoba kuyinto angasayazi.

ISundowns, izobe ikufuna nakanjani ukunqoba lo-R4.25-million, njengoba selokhu yagcina ukuthatha indebe ngo-2008, kanti iCeltic yagcina ukuthatha ngo-2005.

ISundowns, kulesizini ingelinye lamaqembu ashaya idaka, kodwa ikwazile ukufinyelela kowamanqamu eTelkom.

Basanqobe imidlalo emibili nje vo kulesizini kwiligi, phakathi kwaleyo midlalo bashaye iCeltic ngeSonto elidlule nayo ebudlala ngaphandle kwabadlali bayo abaphezulu, lokho kwenze iSundowns yakwazi ukunyukela endaweni yesibili emsileni welogi.

“Kuzoba umdlalo onzima. Sizobhekana neqembu elinabadlali abanethalente kakhulu," kusho uLarsen ngaphambi komdlalo.

“Angeke sithathi ngokuthi iSundowns ingunombolo bani kwilogi. Lokho akukhombisi ngokweqiniso ukuthi iyiqembu elinjani.”


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...