Ayicaci ekaMabizela neChippa

2013-01-16 12:03

Johannesburg - Angase angalubhadi uMbulelo Mabizela kuChippa United esuka kuBidvest Wits njengoba la maqembu engavumelani ngemali yokuthengiselana lo mdlali.

IKickOff.com ibike phambilini ukuthi u'OJ' usezojoyina ama-Chilli Boys kanti ngaleso sikhathi, isikhulu sawo uChippa Mpengesi ubenethemba elikhulu lokuthi lokhu nakanjani kuzofezeka.

Kodwa, okhulumela iChippa uLukhanyo Mzinzi uyavuma ukuthi kungenzeka bamyeke lo mdlali.

"Okwamanje kusacutshungulwa okuthile kodwa kungenzeka singabe sisamthola lo mdlali ngenxa yemali abiza yona,” kubeka uMzinzi.

"Isikhulu uMpengesi usakulona lolu daba njengoba esaxoxisana neWits… cishe sizokwazi kahle okuzokwenzeka kusasa,” eqhuba.

IWits yatshela uMabizela ngasekupheleni konyaka odlule ukuthi akasekho ezihlelweni zeqembu.

U'OJ' unenkontileka neqembu iWits ezophela ngoJuni 30, 2013 kanti angakwazi ukuyivuselela kuze kube uJuni 2014, kodwa uClive Barker useke wakuveza ukuthi angase alisuse igama likaMabizela ohlwini labazodedelwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-33°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-26°C High level clouds. Warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-20°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...