Asiyisabi iPirates - Maluti FET

2013-02-22 10:04

Johannesburg - Iqembu leSecond Division iMaluti FET College isixwayise i-Orlando Pirates ukuthi ize ilungele impi uma sebetholana phezulu koweNedbank Cup, eCharles Mopeli Stadium ngoMgqibelo.

IMaluti ithi yanikezwa isibindi yiBaroka FC kulo mqhudelwano eminyakeni emibili eyedlule ngesikhathi idlala ibhola elincomekayo ibhekene nalabo shampeni bePremiership.

“Siyayihlonipha iPirates, kodwa asiyisabi,” kusho umqeqeshi uMorena Ramoreboli etshela iKickOff.com.

“Sizilungiselele ngayo yonke indlela ngalo mdlalo. Inhloso ukuthi sidlulele emzuliswaneni olandelayo, kanti lokhu kuzokwenzeka kuphela uma sikwazile ukunqoba iPirates ngoMgqibelo.

“Vele asinabo abadlali abakhulu njengoba sikholelwa ekuthuthukiseni abadlali abasebancane. Ngiyacabanga ukuthi sikulungele ukubhincisela nxanye iPirates."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...