Asikho isidingo sokutatazela - Igesund
2013-01-14 07:34
Johannesburg - Umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund ugcizelele ngokuthi asikho isidingo sokukhathazeka ngesikwati sakhe njengoba ethi uyazi ozoqoka bani kowe-Africa Cup of Nations lapho ezakhe zizobe zitholana phezulu neCape Verde eSoccer City ngoMgqibelo.
Njengoba abantu abaningi bethi ayisekho indaba yeBafana, u-Igesund ume isibindi wathi abantu abayinike ithuba njengoba izoqala ukufaka amagoli nje, kubika iKickOff.com.
"Angikhathazekile nakancane ngenxa yokuthi ngenelisekile ngendlela esidlala ngayo," esho ngemuva kokuthi iBafana idlale ngokulingana ngo 0-0 ne-Algeria.
"Nani nizibonele ukuthi sidlale kahle neqembu elingelinye lahamba phambili e-Afrika. Ngakho ngijabule, akukho okungangifakela amanzi emadolweni kule midlalo ezayo."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24