Asenzele uMadigage - Igesund
2012-11-13 10:01
Johannesburg - Umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund ufuna ukuthi iqembu lakhe liwine oweNelson Mandela Challenge uma selibhekene neZambia eSoccer City lihloniphe uThomas Madigage, kubika iSowetan.
Lo mdlalo uzoqala ngo-20:00 ngoLwesithathu.
UMadigage, nowashona engozini yemoto eLimpopo ngenyanga eyedlule, ubezohlanganisa iminyaka engu-42 ubudala ngoLwesithathu.
Ubengumsizi kamqeqeshi weBafana ngesikhathi sokushona kwakhe.
U-Igesund ubhale inkondlo esihloko sithi In Loving Memory of Tommy Madigage.
Ekhuluma nabezindaba ngoMsombuluko, u-Igesund uthe uzosebenzisa lo mdlalo ukuhlola ukuthi ikuphi la iqembu lakhe okumele lilungise khona ngaphambi kwe-2013
Africa Cup of Nations.
"Ayikho ingcindezi ekutheni iBafana Bafana inqobe umdlalo wobungani kodwa bekuzoba kuhle ukwenzela uMadigage njengoba ebezobe ezalwa," esho.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24