Asemfuthweni amaSandawana - Shongwe

2013-02-19 12:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UJabulani Shongwe uthi iqembu lakhe iMamelodi Sundowns lisemfuthweni njengoba kubhekeke ukuthi lishikilisane neGolden Arrows ngoLwesibili (namhlanje) ebusuku, enkundleni yezemidlalo iLoftus Stadium.

AmaBrazilians asanda kushaya iMaritzburg United ngo 3-0, emdlalweni wangoMgqibelo, lokhu bekungukunqoba kokuqala emidlalweni eyisithupha, kusho izindaba zeKickOff.

UKatlego Mphela wafaka phakathi igoli lokuqala, esiwombeni sokuqala, kwalandela elikaShongwe kwavalwa ngelikaNyasha Mushekwi, sekusele imizuzu eyisikhombisa kuphele umdlalo.

“Asigcinannga njengokuwina  kodwa saba nomdlalo omuhle nonestayela....kwaba nomuzwa omnandi noma sesiyoshintsha,” kusho uShongwe, ekhuluma kwi-website yeqembu.

“IMaritzburg United neGolden Arrows amaqembu angafani kodwa amaSandawana wona ayazethemba, lokhu akwenza e-PE asengakuphinda ePitoli.”



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngeke abonakale uMusona

2014-04-23 14:02
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...