Asedayiswe wonke aweBafana neMorocco
2013-01-25 14:03
Johannesburg - Asedayiswe wonke amathikithi omdlalo we-Africa Cup of Nations (AFCON) phakathi kweBafana Bafana neMorocco ngeSonto, kusho iSA Football Association.
Umdlalo uzoqala ngo-19:00.
Umengameli weSafa uKirsten Nematandani,
ubekhuluma ngoLwesihlanu eGoli, kanti ucele labo abanamathikithi ukuthi bangalenzi iphutha bafike ngobuningi babo eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
"Kulabo abanamathikithi, siyacela ningadikibali nihlale emakhaya, sifuna ukubona inkundla igcwele," esho.
IBafana
Bafana kumele idlale ngokulingana noma iwine uma isibhekene neMorocco, emdlalweni wayo wokugcina kaGroup A, ukuze idlulele emzuliswaneni olandelayo.
Uma iBafana ihlulwa, kumele i-Angola ishaye iCape Verde ukuze izokwazi ukuhlabela mgama.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA