Angizisoli ngokuphusha uMourinho - Wenger

2014-10-06 16:00

Johannesburg - Umqeqeshi we-Arsenal, u-Arsene Wenger, umile kwelokuthi akazisoli ngokubamba ngamawashingi uJose Mourinho emdlalweni wangeSonto ngesikhathi bebhekene neChelsea.

I-Arsenal ishaywe ngo 2-0 kowezimbangi zaseLondon kanti uWenger ubonakale edinwa kungathi uthelwe ngamanzi ngemuva kokuba uGary Cahill edlalise kabi u-Alexis Sanchez, kubika iSoccerladuma

“Yini okumele ngizisole ngayo ngemuva kokuba ngimphushile?  Uyena ovele wangivimba. Mina bengiyobona ukuthi akalimalanga yini uSanchez, kusho uWenger etshela izintatheli.

Funda nalolu daba: USuarez yayingamfanele i-Arsenal - Gerrard.

"Anginandaba nokuthi uthini uMourinho,” usho kanje. 

Lo mqeqeshi uthe umphushe kancane uMourinho, waphinde wathi yena kuyacaca uma ephushe umuntu kakhulu.  

I-Arsenal izozama ukubuyisa izinduku uma isibhekene neHull kowePremier League olandelayo ngo-Okthoba 18.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-19°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 16-25°C Rain late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 22-27°C Drizzle. Afternoon clouds. Warm. PE: 16-21°C Showers late. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...