Angiwabambile amagqubu - Da Gama

2013-02-22 08:01

Johannesburg - Njengoba sekuzophela unyaka kwahlukana inhloko nesixhanti phakathi kwakhe nePlatinum Stars, u-Owen da Gama uzobe ebhekene naleli qembu koweNedbank Cup ngempelasonto.

UDa Gama usanda kuholela ezakhe ezikuNational First Division, iDynamos, emzuliswaneni olandelayo ngesikhathi zishaya iMpumalanga Black Aces ngo 3-1.

Lokhu kuchaza ukuthi iDynamos izotholana phezulu neStars eGiyani ngeSonto.

Ukuqeqesha kukaDa Gama eDikwena kwaphela kabana ngesikhathi emiswa kulandela izinsolo zokukhwabanisa, yize uphenyo lwangaphakathi lwamthola engenacala.

“Angiwabambi amagqubu,” kusho uDa Gama etshela iKickOff.com.

"Sengike ngadlala ibhola emazingeni aphezulu ngaqeqesha namaqembu amaningi. Yebo, ngaphoxeka ngendlela engaphathwa ngayo kuPlatinum Stars kodwa sengadlula kulokho."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-13°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-15°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-18°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-16°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...