Angisoze nganqaba ukumela izwe - Khune

2012-12-13 14:02

Johannesburg - Unozinti weBafana Bafana u-Itumeleng Khune uthi akasize anqaba ukumela isizwe uma ebiziwe yize kunabaphakamisa ukuthi kumele ake athi ukuphunyuzwa kancane.

UKhune uphendule kanje ngesikhathi ebuzwa ukuthi akathandi yini ukuphumula uma iBafana isibhekene neMalawi ngoDisemba 22, kubika iKickOff.com.

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter ngoLwesithathu uthe uzobamba umhlangano nomqeqeshi weBafana uGordon Igesund mayelana nokukhula kokukhathazeka ngokusetshenziswa kwabadlali bakhe eqenjini lesizwe.

Kodwa uKhune, ulubheka ngendlela ehlukile lolu daba.

USpiderkid uyavuma ukuthi kuzoba nzima kubadlali abaningi ukuthi banqabe ukumela isizwe.

"Yisinqumo somqeqeshi ukubiza abadlali abadingayo. Anginalo ilungelo lokunqaba," kusho uKhune.

"Yize sidinga ukuphumula, kodwa futhi kubalulekile ukwazi ukuthi sibizelwe ukumela izwe. Lelo yiphupho layinoma yimuphi umdlali, lokugqoka ijezi leBafana."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-22°C Cloudy. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...