Angeke adlale uNtshumayelo

2013-02-22 16:07
Yabelani Shicilela

Johannesburg - UThandani Ntshumayelo oyisethenjwa somdlali we-Orlando Pirates angeke abonakale koweNedbank Cup, phakathi kwezakhe neMaluti FET College, ngoNgqibelo, kusho umbiko weKickOff.

Lo mdlali wasesiswini ulimale esweni ngesikhathi ezakhe zibhekene nePlatinum Stars ngoLwesithathu ebusuku.

IBhakabhaka yanqoba lo mdlalo ngo 1-0.

“Ngingadlala kodwa uma sekushisa, iso lami lingase libe nenkinga bese ngingaboni kahle. Umqeqeshi ungibonisile wathi kungakuhle ngime kancane,” kusho uNtshumayelo, etshela abe-website ye-Orlando Pirates.

 “Ngiphoxekile khona ngoba bengibe nomdlalo omuhle sidlala nePlatinum Stars… bengifuna ngempela ukuzibonakalisa kulo mdlalo,”
echaza.

I-website ibhale yathi: “Udokotela weqembu uJohn Williams uthe uNtshumayelo akalimele kangako, ngesonto elizayo uzobe eluleme ngokuphelele ukuthi angadlala."



 -“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 -Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ngeke abonakale uMusona

2014-04-23 14:02
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 15-22°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...