Angase angadlali uShabba
2012-10-25 12:00
Johannesburg - IKaizer Chiefs ingase iye emdlalweni wayo neMaritzburg United, ngaphandle komdlali wayo uSiphiwe Tshabalala, ongazizwa kahle kulandela ukuba yingxenye yesikwata ebesimele izwe emidlalweni yobungani.
Yize uShabba ungalimele, kuthiwa ukhathele kakhulu njengoba ekade engaphandle kwezwe.
Umqeqeshi uStuart Baxter unohide lwabadlali abalimele abahlanganisa uJimmy Jambo, Siboniso Gaxa, Morgan Gould, Jimmy Tau noSakhile Hlongwa.
"Leli yiviki elinzima njengoba abadlali abaningi belimele. Kuvele kwaba nzima sekulimala noJambo ekubeni noTshabalala engekho," kusho uBaxter, ku-website yeqembu.
Umqeqeshi uthi umdlalo wabo neMaritzburg elele endaweni yesihlanu ku-log, angeke ube neze lula.
"Bahlangene, banomdlalo omuhle futhi baqinile. Siyazi ukudlala nabo angeke kube lula."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24