Angase abonakale maduze uBenni

2012-11-01 07:52

Johannesburg - Umgadli uBenni McCarthy angase abonakale egijima enkundleni ngesonto elizayo, kusho umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger de Sa, kubika iSowetan.

UMcCarthy usehlale amasonto ayisishiyagalombili engabonakali enkundleni kulandela ukulimala ngesikhathi edlalela iBafana Bafana eBrazil.

UDe Sa uthe uyathemba ukuthi lo mgadli othakaselwa yiningi angase abonakale uma ezakhe sezibhekene neMamelodi Sundowns ngoLwesithathu eLoftus Stadium.

"Sithemba ukuthi uzokwazi ukudlala noma yimizuzu engu-45 uma sesizilolonga ngoMgqibelo, uma ephumelela nakanjani uzibeka ethubeni lokudlala ngoLwesithathu," kusho uDe Sa.

"Sizozama ukuthi singamjahi."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-21°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-21°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...