Amaqembu ePSL angase adube iBafana
2012-12-14 14:02
Johannesburg - Abaqeqeshi bamaqembu adlala kuPremier Soccer League bangase banqabe ukudedela abadlali babo ababizelwe ukudlalela iqembu lesizwe, kusho umbiko wezindaba ze-soccerladuma.co.za.
Umqeqeshi uGordon Igesund umemezele amagama abadlali abazoba yingxenye yomdlalo weBafana Bafana neMalawi, ozobanjwa mhlaka-22 kuyo le nyanga, waphinda wathi abadlali bazoya ekhempini phakathi komhlaka-27 no-30.
Amaqembu e-PSL amukele izincwadi eziqhamuka kwabeSouth African Football Association, bezihlangula ekulimaleni kwabadlali okuzokwenzeka ngesikhathi semidlalo.
Uma kwenzeka iBafana idlala kahle ize ifinyelela kowamanqamu e-AFCON 2013, lokhu kosho ukuthi abadlali ababiziwe okungabadlali beKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns neMaritzburg United, bazokuba nezinsuku ezimbili kuphela ukuthi babuyele kweye-PSL.
Abaqeqeshi bathi lesi sikhathi sizoba sincane kakhulu ukuthi abadlali bangakwazi ukunesa ukulimala kwabo, baphinde baphumule ngokuphelele.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24