Amahlebezi akhomba uKalaba kuPirates
2012-11-14 08:17
Johannesburg - Isiqongwane somdlali waseZambia uRainford Kalaba kunamahlebezi okuthi uzoba nomhlangano nezikhulu ze-Orlando Pirates ezoxoxisana nazo ngenkontileka angase ayithole, kubika iKickOff.com.
UKalaba okuleli ngeNelson Mandela Challenge, abasiki bebunda bahabule umoya wokuthi angase athole ithuba lokuthamunda ngekusasa lakhe kumaBhakabhaka.
Lo mdlali, 26, odlalela iqembu elikhulu laseDemocratic Republic of
Congo iTP Mazembe, kodwa akwaziwa ukuthi inkontileka yakhe iphela nini.
UKalaba wake wayamaniswa neMamelodi Sundowns, kodwa lokho akuzange kuthele zithelo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24