AmaZulu asexoshe umdlali

2013-02-20 14:02

Durban - Ligqashukile igoda lokusebenzisana phakathi kwaMaZulu nomgadli odabuka eZimbabwe uMkhokheli Dube, lokhu kwenzeka kungakapheli sikhathi singakanani kuxoshwe omunye umdlali.

UDube ulandela umdlali waseLiberia uDulee Johnson, naye osanda kukhonjwa eza ngayo, kukhalwa ngokuthi akaziphethe ngendlela.

Imenenja yeqembu uPeter O’Connor uqinisekise kwabezindaba zeKickOff.com wathi: “Simnike incwadi emazisayo ukuthi uphelile umsebenzi, silindele ukuthi ayifunde bese ebuyela kithi. Incwadi inemigomo nemibandela."

Khonamanjalo, u-O’Conner uveze ukuthi icala eliphakathi kweqembu nobengumqeqeshi uRoger Palmgren, lizolalelwa kungekudala.

UPalmgren wavulela iqembu icala, ekhala ngokungaholelwa imali ayikweletwayo, kusukela akhonjwa indlela.

UPalmgren utshele abeKickOff.com ukuthi akaneme neze ngendlela iqembu elamphatha ngayo.

"Unelungelo lokusho noma yini ayithandayo, lizolalelwa icala lakhe,” kusho u-O’Conner.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-26°C Sunny. Mild. PE: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...