Akusolwe abadlali ngokwehluleka kwethu - Mbuyane

2012-03-07 12:19

Johannesburg - Umdlali we-Orlando Pirates uThulasizwe Mbuyane uthi akukho umuntu ekumele asolwe ngokwehluleka kweqembu emdlalweni weCAF Champions League, kubika iKickOff.com.

UMbuyane uthi abadlali yibo ekufanele bafakelwe izibuko ngalolu daba.

UJuju uthi akakholwa wukuthi abadlali babukela phansi iqembu lase-Angolan iRecreativo do Libolo.
 
"Asilokothi sibukele phansi izitha zethu. Uma ungabhekisisa umdlalo wethu neRecreativo, uyabona nje ukuthi kwaba ibhadi ukuthi sehlulwe, sasiwubambile loya mdlalo," etshela abeKickOff.com.
 
UMbuyane uthi akakholwa wukuthi behluliswa wukungazimiseli ngokwanele.
 
"Sadlala ngendlela akekho umuntu ekumele asolwe ngokwehluleka kwethu," kuvuma lolu nyazi lomdlali.

Umdlalo weBhakhaniya olandelayo bazowudlala aneqembu elingaziwa i-Ethekwini Coastal FC emdlalweni weNedbank Cup.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Heavy rain. More sun than clouds. Cool. Pta: 9-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-21°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Dbn: 15-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 10-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...