Akumina engiza namabhadi - Modise

2012-11-29 14:04

Johannesburg - Ngaphambi komdlalo weTelkom Knockout wamanqamu, ukapteni weMamelodi Sundowns uTeko Modise useziphendulele kulabo abamgxeka ngerekhodi lakhe lokwehluleka ukuthatha izinkomishi, kubika iKickOff.com.

Ngaphandle kokuzinqobela imiklomelo yena, akakaze anqobe nkomishi eminyakeni eyishumi nanye selokhu adlala kuPremiership, kodwa njengoba elinye ithuba selifikile lokwenza okwehlukile athathe inkomishi okokuqala, uModise uthi akungabhekwa yena yedwa.

"Ukunqoba kuzochaza lukhulu eqenjini," kusho ukapteni weSundowns. "Ngisho ukuthi lo mdlalo awukho mayelana nami, kodwa mina njengoba ngidlalela iSundowns siyadinga ukunqoba njengeqembu, hhayi nje mina ngingedwa.

"Kulabo abathi angikaze nginqobe lutho empilweni yami, ngithi kulungile. Nginethuba lokujika izinto ngoMgqibelo futhi ngisazowathola amanye amathuba. Mina ngokwami umdlalo wangoMgqibelo oweqembu hhayi mina ngedwa."

UModise uqhube wathi angakujabulela kakhulu ukuholela iqembu lakhe ekunqobeni inkomishi okokuqala selokhu lagcina ngo-2008, ngesikhathi linqoba iNedbank Cup, uMichael Manzini esangukapteni.

"Mina njengokapteni nginomsebenzi okumele ngiwenze, kodwa futhi njengeqembu kunomsebenzi okumele siwenze ndawonye.

"Uma ngiyingxenye yeqembu elizothokoza, kusho ukuthi nami ngiyajabula, kungakhathalekile ukuthi ngingukapteni noma cha. Engikufunayo nje ukuba yingxenye yeqembu elinqoba inkomishi ngakho ngithemba ukuthi leli yithuba."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-22°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C High level clouds. Warm. PE: 17-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...