Akukubi kangako kuPatosi
2012-12-25 12:02
Johannesburg - U-Ayanda Patosi uvuse ukwesaba kwabaningi ekutheni ulimale kabi ngemuva kokuphuma enkundleni exhuga ngesikhathi iLokeren iwina ngo 3-2 koweBelgian League ngeSonto.
UPatosi, nodlale kahle kakhulu kule sizini, kudingeke ukuthi aphume enkundleni esadlale imizuzu engu-39 nje kuphela ngenxa yokulimala eqakaleni.
Ekhuluma neKickOff.com, lo mdlalo owazalelwa eKapa uthe udokotela uthe usengabuyela enkundleni.
"Ngibuya kudokotela njengamanje,” esho. “Udokotela uthe angilimalanga kakhulu ngakho ngikhululekile ukuba ngiphinde ngidlale."
Uma konke kuhamba ngohlelo, uPatosi uzojoyina iBafana Bafana ngoDisemba 27 ngaphambi kwe-Africa Cup of
Nations.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24