Akukacaci ngekusasa likaBenni

2013-01-28 14:06

Johannesburg - Zine kuphela izinsuku ezisele ngaphambi kokuthi livalwe iwindi lokugcogcoma kwabadlali bebhola, i-Orlando Pirates isamincele ukuthi umgadli wayo uBenni McCarthy aqhubeze inkontileka yakhe.

Iqembu lithi lifuna uBenni alekelele emizamweni yokunqoba umqhudelwano we-CAF Champions League.

Lesi sethenjwa seBhakabhaka, sifakiwe ohlwini lwabadlali abazongena kowe-African Champions League, yize noma engacacisile ngekusasa lakhe.

Ngokomthetho, uBenni unelungelo lokuxhumana nanoma yiliphi iqembu, uma lingakavalwa iwindi.

"Ziyaqhubeka izingxoxo zokuzama ukuzuza uBenni, okwamanje akucaci noma uyahamba noma uzohlala," kusho umxhumanisi weqembu nabezindaba uMickey Modisane, etshela abezindaba zeKickOff.com.

"Okwamanje uyingxenye yemidlalo ehlelelwe iqembu, usangumdlali wethu," kuqhuba uModisane.

Imanenja kaBenni, uRob Moore, ucashunwe ngomunye umthombo wezindaba ethi uBenni angase ebhekise amabombo eMelika.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ungeniswe esibhedlela uMuhammad Ali

Emizuzwini eyi-16 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...